Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 19:35 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 Kepha unobhala womuzi wabathulisa abantu, wathi: “Madoda ase-Efesu, ngubani lapha phakathi kwabantu ongazi ukuthi lo muzi wase-Efesu ungumuzi okugcinwe kuwo ithempeli lika-Artemisi omkhulu nesithombe esawa ezulwini na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

35 Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Kwathi umabhalane esezithulisile izixuku, wathi: Madoda ase-Efesu, ngumuphi umuntu ongazi ukuthi umuzi wabase-Efesu ungumkhulekeli kankulunkulukazi omkhulu uDiyana nowesithombe esawa kuJupiter?

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 19:35
9 Referans Kwoze  

ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,


ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni.


kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla.


Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni,* washumayela kubaJuda.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.


Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.”


Ngakho lokhu lezo zinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite