Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 19:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Lokho kwaziwa yibo bonke abaJuda namaGriki akhileyo e-Efesu, bonke behlelwa ngukwesaba; ladunyiswa igama leNkosi uJesu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lokho kwaziwa yibo bonke abakhileyo e-Efesu abaJuda namaGreki; ukwesaba kwabehlela bonke, ladunyiswa igama leNkosi uJesu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 19:17
22 Referans Kwoze  

ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini, nani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Kristu.


Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini,


njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.


Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.


Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.


Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.


Wehlela e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni,* washumayela kubaJuda.


Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu;


Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi.


Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke lezintaba laseJudiya,


Bonke abantu bayashaywa luvalo; bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu, baqonde akwenzileyo.


UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”


Abantu baseBeti Shemeshi base bethi: “Ngubani ongema phambi kukaJehova, lo Nkulunkulu ongcwele, na? Uyakwenyukela kubani esuka kithina na?”


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


kepha wavalelisa wathi: “Ngizakubuyela futhi kini, uma uNkulunkulu evuma,” wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi;


Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,


Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, wahlula ababili, wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele.


nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite