Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 19:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda, abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: “Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Kepha abathile abayizanusi kubaJuda, ababehla benyuka, nabo bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwabanomoya ababi, bethi: “Ngiyaniyala ngoJesu amshumayelayo uPawula.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Abathile kubaJuda abakhipha imimoya emibi ababezulazula bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwababenamademoni, bathi: “Siyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Abathile kubaJuda abakhipha imimoya emibi ababezulazula bazama ukubiza igama leNkosi uJesu phezu kwababenamademoni, bathi: “Siyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 19:13
15 Referans Kwoze  

Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.


UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.”


Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.


UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.”


wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”


Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


Yayisithi kuye inkosi: “Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?”


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.


UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”


Bheka, uyangixosha namuhla ebusweni bomhlaba, ngicashe ebusweni bakho; ngiyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni, ongifumanayo angibulale.”


Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo.


USkeva othile, umJuda, umpristi omkhulu, wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho.


Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite