Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 18:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 18:18
17 Referans Kwoze  

wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.


“ ‘UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.


KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;


Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya,


Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo;


Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya.


baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova,


Kwathi sekuqhamuke iKhupro, sesilishiyile ngakwesokhohlo, saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla.


yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni.* Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu.


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.


Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:


Esethanda ukudlulela e-Akhaya, abazalwane balobela abafundi bebayala ukuba bamamukele; esefikile wabasiza kakhulu abakholwayo ngomusa,


Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite