Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle. abantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle abantu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:5
26 Referans Kwoze  

Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.


Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.


nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.


Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami.


uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.”


Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane.


ngokuba niseyibo abenyama. Ngokuba uma kusekhona phakathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?


Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla, lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.”


Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,


Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile.


Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.


Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.


Bamnika amashekeli* angamashumi ayisikhombisa esiliva endlini kaBali Beriti, u-Abimeleki aqasha ngawo izidenga namayiyane, bamlandela.


Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,


Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami; izidakwa ziyangihaya.


Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye; abashayi engingabaziyo bangibunganyela; badumaza bengayeki.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha,


bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, babakhulula.


ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,


Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite