Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:4
31 Referans Kwoze  

Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.


Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.


Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.


futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela, kepha bazinikela bona uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu,


Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga;


Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,


Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.


bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki, wayingcolisa le ndawo engcwele.”


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.


Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.


Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.


Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.


Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki.


Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.


OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.


Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke;


Ngakho abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo lapho singayikumthola na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kumaGreki, afundise amaGreki, na?


Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite