Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:25
25 Referans Kwoze  

UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.


Noma “ngubani owaqala ukuyipha ukuba kubuyiselwe kuye na?”


‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’


Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.


“Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkulu ukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na?


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,


Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:


Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami; anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”


Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”


Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.


Uma ebeyakuzibheka yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,


“UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano,


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”


Inkosi uSedekiya yayisifunga ngasese kuJeremiya, yathi: “Kuphila kukaJehova owasenzela lo mphefumulo, angiyikukubulala, futhi angiyikukunikela esandleni salawa madoda afuna ukuphila kwakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite