Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UPawula, njengokwejwayelekile, wangena khona kwaze kwaba ngamasabatha amathathu, ephendulana nabo ngokusemibhalweni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 UPawuli njengomkhuba wakhe wangena kubo, lamasabatha amathathu wabonisana labo ngemibhalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UPawuli njengomkhuba wakhe wangena kubo, lamasabatha amathathu wabonisana labo ngemibhalo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:2
18 Referans Kwoze  

Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.


Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni* abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.


Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.


UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.


UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.


Wafika eNazaretha, lapho wayondliwa khona, wangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.


“Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,”


Wayesengena esinagogeni,* wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.


Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.


Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.


INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”


Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite