Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 17:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Kepha lapho abaJuda baseThesalonikha bezwa ukuthi uPawula ulishumayele izwi likaNkulunkulu naseBhiriya, banikela khona, bafike bazinyakazisa, bazivukuza izixuku.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kodwa kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi ilizwi likaNkulunkulu litshunyayelwe nguPawuli eBereya, beza lakhona, bavusa ixuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi ilizwi likaNkulunkulu litshunyayelwe nguPawuli eBereya, beza lakhona, bavusa ixuku.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 17:13
14 Referans Kwoze  

Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye,


Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;


Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane.


bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.


Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.


Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana, kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.


Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.


Kwathi sebedabulile i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge* labaJuda.


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu.


ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite