Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:6
31 Referans Kwoze  

Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.


nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya:


sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga.


UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda.


UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya,


Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya;


O nina maGalathiya angaqondiyo! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na?


Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumele kuwo amabandla ayisikhombisa, e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamu, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.”


UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.


Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Maqondana nomnikelo obuthelwa abangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.


Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.


Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu.


UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna;


nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.


njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi,


Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;


UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”


Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye,


Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu.


Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite