Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:25
38 Referans Kwoze  

Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,


Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.


Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela,


Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,


Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku,


Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.


Nginjengesimangaliso kwabaningi, kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.


Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.


Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.


Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;


njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.


Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama;


“ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela.


Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa.


Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,


Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,


Wabathatha ngaso leso sikhathi sasebusuku, wabageza imivimbo, wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite