Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 16:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngosuku lweSabatha, saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho esasifuna kube yindawo yokukhuleka. Sesihleli phansi, sakhuluma nabesifazane ababebuthene lapho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kwathi ngesabatha saphumela ngaphandle komuzi ngasemfuleni, lapho okwakumelwe ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kwabesifazane ababebuthene khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwathi ngesabatha saphumela ngaphandle komuzi ngasemfuleni, lapho okwakumelwe ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kwabesifazane ababebuthene khona.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 16:13
17 Referans Kwoze  

Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.


Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.


Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.


Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni,


Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;


Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo.


Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.


Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha.


Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.


Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite