Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 15:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngakho-ke kwaba kuhle kubaphostoli, kumalunga, nakulo lonke ibandla ukuba kukhethwe amadoda phakathi kwabo, athunyelwe e-Antiyokhiya noPawula noBharnabha, bakhetha uJuda okuthiwa uBharsabha noSila, ababengabaholi phakathi kwabazalwane.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 15:22
29 Referans Kwoze  

Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo.


Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.


NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.


OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu:


OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Kristu: Makube kini umusa nokuthula.


Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.


Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya.


Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.


Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila,


Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa;


Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,


kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu,


baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.


Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;


Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


Leyo nto yabe ilungile emehlweni enkosi nasebandleni lonke.


Bonke abantu bakubona, kwaba kuhle emehlweni abo, njengalokho konke eyakwenza inkosi kwaba kuhle emehlweni abantu bonke.


Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.


Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.


Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.


Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu.


Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi.


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite