Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 15:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ isho iNkosi ekwenza lokhu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 ukuze abaseleyo babantu nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ kusho iNkosi ekwenzayo lokhu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ukuze insali yabantu ifune iNkosi, nabezizwe bonke ababizwa ngegama lami, isho iNkosi eyenza zonke lezi zinto.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ukuze insali yabantu ifune iNkosi, nabezizwe bonke ababizwa ngegama lami, isho iNkosi eyenza zonke lezi zinto.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 15:17
32 Referans Kwoze  

“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.


“Ngafunwa ngabangangicelanga, ngafunyanwa ngabangangifunanga, ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’ kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.


Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.


onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”


Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.


nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,” usho uJehova okwenza lokhu.


Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Wathatha isisho sakhe, wathi: “Maye, ngubani oyakuphila, lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?


“Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”


ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe.


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngegama lakho.


Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite