Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 15:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Besathule, kwakhuluma uJakobe, wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Sebethulile, uJakobe waphendula wathi: Madoda, bazalwane, ngizweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Sebethulile, uJakobe waphendula wathi: Madoda, bazalwane, ngizweni.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 15:13
15 Referans Kwoze  

Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.


Ngokuba bengakafiki abanye ababevela kuJakobe, wayedla nabezizwe; kepha kuthe ukuba kufike bona, wamonyuka, wazahlukanisa nabo, esaba abokusoka.


bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,


Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;


Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi.


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.”


Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona.


Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,


“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.


“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,


Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.


Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome


USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite