Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni* abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Lapho befika eSalami, bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babehamba noJohane owayebasiza.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Sebefikile eSalami batshumayela ilizwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda, njalo babe loJohane wabancedisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Sebefikile eSalami batshumayela ilizwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda, njalo babe loJohane wabancedisa.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:5
20 Referans Kwoze  

Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.


Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.


Wayesengena esinagogeni,* wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.


Washumayela esinagogeni* ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.


Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka.


Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.


Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye – uma efika kini mamukeleni –


UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku.


Kepha oBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqede ukukhonza kwabo, behamba benoJohane othiwa uMarku.


Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi zombili, wazihlaba, wapheka inyama yazo ngempahla yezinkabi, wabapha abantu, badla. Wayesesuka, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.


Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu;


Kepha uJehoshafati wathi: “Akakho lapha umprofethi kaJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na?” Enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli yaphendula yathi: “Ukhona u-Elisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zika-Eliya.”


Esezwile lokho wasuka, wahamba ukuba asinde, waya eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe.


Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no-Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya.


Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela, babamba oGayu no-Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite