Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:46 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

46 UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

46 Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma isibindi, bathi: “Bekufanele ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma isibindi, bathi: “Bekufanele ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:46
37 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.”


kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


“Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.


Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.


“Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ”


“Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.


Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.


Bheka, uyakubiza izizwe ongazaziyo, nezizwe ebezingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba ukudumisile.”


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.


Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.


Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.


Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni* abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;


Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.


kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.


Bathi kuye: “Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.”


“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”


Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite