Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 ngaye lowo, yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 futhi ngaye bonke abakholwayo bayalungisiswa kukho konke obungelungisiswe kukho ngomlayo kaMozisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 futhi ngaye bonke abakholwayo bayalungisiswa kukho konke obungelungisiswe kukho ngomlayo kaMozisi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:39
40 Referans Kwoze  

kepha lokhu sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu, nathi sakholwa nguKristu Jesu ukuba silungisiswe ngokukholwa nguKristu kungengemisebenzi yomthetho; ngokuba ngemisebenzi yomthetho akuyikulungisiswa nyama.


Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu.


ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.


ngokuba umthetho ubanga intukuthelo, kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi,


Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;


ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,


kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo,


Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.”


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?


Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla; noma ngingenacala, uyakuthi ngonakele.


Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.


Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”


Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphilele uNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu;


Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


kepha u-Israyeli, elandela umthetho wokulunga, kafinyelelanga emthethweni.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.


“Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”


Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”


Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile, samlinga sathi: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”


“Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite