Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Ngasekupheleni kwempilo yakhe uJohane, wathi: ‘Nicabanga ukuthi ngingubani mina na? Mina angisiye, kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula ngisho isicathulo ezinyaweni zakhe.’

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kwathi uJohane eseqedile ukuhamba kwakhe, wathi: Nithi ngingubani na? Angiyena. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe ezinyaweni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kwathi uJohane eseqedile ukuhamba kwakhe, wathi: Nithi ngingubani na? Angiyena. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe ezinyaweni zakhe.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:25
19 Referans Kwoze  

“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,


Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.


Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;


Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.


UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.”


“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.


Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”


Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite