Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Kwedlula iminyaka ebalelwa ema-450, emveni kwalokho wabanika abehluleli, kwaze kwaba nguSamuweli umphrofethi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Emva kwalokho wabanika abahluleli isikhathi esingangeminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu, kwaze kwafika uSamuweli umprofethi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Emva kwalokho wabanika abahluleli isikhathi esingangeminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu, kwaze kwafika uSamuweli umprofethi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:20
9 Referans Kwoze  

UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo.


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumprofethi kaJehova.


“Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku.


Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa-Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’


Ngokuba iphasika elinjalo lalingagcinwanga kusukela emihleni yabahluleli abahlulela u-Israyeli, nasemihleni yonke yamakhosi akwa-Israyeli, nakweyakwaJuda.


kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.


UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.


Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.


UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite