Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:19
16 Referans Kwoze  

“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide


Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.


Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,


uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.


Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.


“ ‘Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.


Bhekani, nginabele lezi zizwe eziseleyo zibe yifa lezizwe zenu, kusukela eJordani, kanye nezizwe zonke engizinqumileyo, kuze kufike eLwandle Olukhulu ngasentshonalanga.


UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.


Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”


U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.


U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?


Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.


Nguye okwenzele inkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade, izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite