Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 13:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga okwesikhashana.” Ngokushesha wehlelwa yinkungu nobumnyama, wahamba efuna ongahle amhole.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Manje bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho, uyakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga isikhathi. Kwahle kwehlelwa yinkungu nobumnyama phezu kwakhe; wasezulazula efuna abangamhola ngesandla.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 13:11
18 Referans Kwoze  

Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*


bheka, isandla sikaJehova siyakuba phezu kwemfuyo yakho esendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu, silethe isifo esinzima kakhulu.


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endlini yawo, ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.


Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.


Wathi uJesu: “Mina ngizele ukwahlulela kuleli zwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe yizimpumputhe.”


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye ka-Israyeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;


Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenu umoya wobuthongo obunzima; uwavalile amehlo enu, usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.


Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima.


Inkosi yase-Aramu yayisilokhu ilwa no-Israyeli; yelulekana nezinceku zayo ngokuthi: “Ukumisa kwami kuyakuba sekuthinithini.”


Kwathi sebewususele khona, isandla sikaJehova sasiphezu kwalowo muzi ngokungquzula okukhulu, wabulala abantu bomuzi abancane nabakhulu; kwaqhamuka amathumba kubo.


Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite