Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 11:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Wayeyindoda elungile, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 11:24
21 Referans Kwoze  

Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.


benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane,


Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,


Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu


Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.


Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.


Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.


Umlindi wayesethi: “Ngibona kungathi ukugijima kowokuqala kunjengokugijima kuka-Ahimahasi indodana kaSadoki.” Yathi inkosi: “Ngumuntu omuhle yena; uletha umbiko omuhle.”


ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle;


Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.


Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”


Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo –


Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe, nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.


Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu wamacebo uyamlahla.


Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe.


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite