Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 11:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Umbiko ngabo wafinyelela ezindlebeni zebandla laseJerusalema, lathumela uBharnabha ukuba aye e-Antiyokhiya.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Izindaba ezinjalo zezwakala ezindlebeni zebandla laseJerusalema, bathuma uBarnabasi ukuba ahambe aze afike e-Antiyokiya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Izindaba ezinjalo zezwakala ezindlebeni zebandla laseJerusalema, bathuma uBarnabasi ukuba ahambe aze afike e-Antiyokiya.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 11:22
16 Referans Kwoze  

Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.


Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,


Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,


Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba.


Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.


Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;


Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* lase-Antiyokiya,


Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.


Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.


kwathi esemfumene, wamyisa e-Antiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.


Ngalezo zinsuku kwehlela e-Antiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.


esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya.


Kepha ekufikeni kukaKhefase e-Antiyokiya ngamelana naye ubuso nobuso, ngokuba wayenecala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite