Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 11:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 11:21
19 Referans Kwoze  

bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Kodwa lo mntwana uyakuba yini na?” Isandla seNkosi sasinaye.


ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.


Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini.


Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.


Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.


Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.


benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane,


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.


Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaJehova yambulelwa bani na?


Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisuke sakhe,” beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.


kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.


Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu basilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka-Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili,


Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe,


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


“Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite