Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kuthe ngakusasa besahamba labo, sebesondela emzini, uPhethro wenyukela phezu kwendlu ukuba ayokhuleka ngehora lesithupha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngangomuso besahamba, besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngangomuso besahamba, besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:9
19 Referans Kwoze  

nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami.


Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”


Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.


Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,


Baya-ke. “Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo.


Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.


Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite