Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Isimukile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayehlala naye njalo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Isihambile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili kwabendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayeyizinceku zakhe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kwathi isimukile ingelosi eyayikhuluma noKorneliyu, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulabo ababemlindile njalo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwathi isimukile ingelosi eyayikhuluma noKorneliyu, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulabo ababemlindile njalo;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:7
13 Referans Kwoze  

angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.


Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?” Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”


Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu;


Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo. Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo.


Yathi ukuzwa amazwi abo, inceku ka-Abrahama yakhothama emhlabathini phambi kukaJehova.


Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.”


Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.


yena ungenisile kwaSimoni othile, umshuki, ondlu yakhe ingaselwandle.”


wabalandisa konke, wabathumela eJopha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite