Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Embuka wethuka, wathi: Kuyini, Nkosi? Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kukhuphukele kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Embuka wethuka, wathi: Kuyini, Nkosi? Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kukhuphukele kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:4
24 Referans Kwoze  

Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.


Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.


yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu.


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Kepha maningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.


Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu.


Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”


Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.


Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe.


Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze waba sengozini yokufa; wakhuleka kuJehova; yena wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.


mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lo wezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho u-Israyeli, nokuze bazi ukuthi le ndlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.


UJehova wafika, wema, wambiza njengakwezinye izikhathi: “Samuweli, Samuweli!” USamuweli wathi: “Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.”


“Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’ “INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzakutshelwa khona konke okumiselweyo ukuba ukwenze.’


Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Makakhumbule yonke iminikelo yakho yokudliwa, awamukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela*


Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!”


Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite