Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 “Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 “Thina singofakazi bazo zonke izinto azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema, Yena lo bambulala ngokumphanyeka emthini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema; abambulala, bamphanyeka esihlahleni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema; abambulala, bamphanyeka esihlahleni;

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:39
16 Referans Kwoze  

Nina-ke ningofakazi balezi zinto.


kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Wabonwa izinsuku eziningi yibo ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.


kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.”


Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.


njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite