Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 10:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 UPhethro wayesethatha ekhuluma, ethi: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UPetro wasevula umlomo wakhe, wathi: Ngeqiniso ngiyabona ukuthi uNkulunkulu kabheki ubuso.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 10:34
23 Referans Kwoze  

Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu.


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.


ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.


Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.


kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.


lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?


Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:


UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.


Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’


Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.


Kumbe uNkulunkulu ungowabaJuda kuphela na? Kasiye nowabezizwe na? Yebo, nowabezizwe,


Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite