Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kwathi esekushilo lokho, wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 1:9
17 Referans Kwoze  

“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu; yafika komdala wezinsuku, yasondezwa phambi kwakhe.


Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile;


UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.


Bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: “Yenyukelani lapha.” Base benyukela ezulwini ngefu, nezitha zabo zababona.


Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?


Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.


Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.


Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.


athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”


khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite