Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzEnzo 1:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Gade chapit la Kopi




IzEnzo 1:26
15 Referans Kwoze  

U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili, enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli.


UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.


Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.


Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.


Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.


Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.


Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa;


ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe.


Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,


Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.


Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.


Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile.


Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya.


Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite