Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ungaphelelwa umusa nokuthembeka; zibophe entanyeni yakho; kulobe esibhebheni senhliziyo yakho.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:3
23 Referans Kwoze  

nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.


Yibophe eminweni yakho, uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.


“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe engqondweni yabo,


Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho.


Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.


ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,


Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.


Umusa neqiniso kuyalonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.


ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


“Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu,


Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho.


Yizwani izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Angithi bayaduka abaceba okubi na? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.


UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite