Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 khona iyakwenezela kuwe izinsuku, neminyaka yokuphila nokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngoba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, nokuphila, nokuthula.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:2
22 Referans Kwoze  

Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.


Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.


Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.


Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku, kepha iminyaka yababi iyancishiswa.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,


Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,


Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.


Uyakufika ethuneni usuthi ngobudala njengeqhinqa lamabele ngesikhathi salo.


ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.


Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.”


Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.


“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite