Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ndodana yami, ungawukhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayilonde imiyalelo yami,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.

Gade chapit la Kopi




IzAga 3:1
31 Referans Kwoze  

Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;


Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.


Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,


Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo.


Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.


“Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


“Yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.


Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.


Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.


“Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:


Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.


Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.


funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.


Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho.


Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami,


Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.


Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,


Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?


Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite