Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ndodana yami, uma ulalela amazwi ami, ugcine imithetho yami,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, ufihle imiyalo yami kuwe;

Gade chapit la Kopi




IzAga 2:1
21 Referans Kwoze  

Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,


Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.


Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami.


Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.


Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.


“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.


Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;


“Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.


Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.


Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’


Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?


Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.


Ogcina umthetho uyindodana eqondileyo, kepha ongumngane weziminzi uhlazisa uyise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite