Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe; uphoshozwayo uyobhubha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Olinda umlomo wakhe ulonda ukuphila kwakhe; kepha ovula kakhulu izindebe zakhe uyakuba nembubhiso.

Gade chapit la Kopi




IzAga 13:3
18 Referans Kwoze  

Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.


Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso, nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.


Ngithe: “Ngizakulinda izindlela zami ukuba ngingoni ngolimi lwami; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo, omubi esekhona phambi kwamehlo ami.”


Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.


Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.


Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.


Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.


Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.


Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.


Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi, kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.


Umphefumulo wevila uyafisa, ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.


Wathi kuye: “Uma bengibopha ngamagoda amasha okungasetshenziwanga ngawo, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”


Wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuthintanga mpuco ekhanda lami, ngokuba bengingumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa, amandla ami ayakumuka kimi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.


Emlonyeni wesiwula kukhona induku yokuziqhenya kwaso, kepha izindebe zabahlakaniphileyo ziyabalondoloza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite