Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 11:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ukwethembeka kwabaqotho kuyabahola, kepha ubugwegwe babambuluzayo buyababhubhisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ubuqotho babaqotho buyakubahola, kepha ububi babaphambukayo buyakubabhubhisa.

Gade chapit la Kopi




IzAga 11:3
13 Referans Kwoze  

Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele, kepha ububi buyachitha isoni.


Ohamba ekupheleleni uyakusinda, kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.


Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.


Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.


Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?


Ukulunga kopheleleyo kuqondisa indlela yakhe, kepha omubi uyakuwa ngobubi bakhe.


Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye, nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa.


Ukuchitha kwababi kuyabaqothula, ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.


Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.


Amehlo kaJehova anaka onokwazi, kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.


Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite