Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 10:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo iyamthokozisa uyise, kodwa eyisiwula, iwusizi kunina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izaga zikaSolomoni. Indodana ehlakaniphileyo ijabulisa uyise, kepha indodana eyisiwula ingumthwalo kanina.

Gade chapit la Kopi




IzAga 10:1
16 Referans Kwoze  

Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,


Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.


Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.


Uswazi nokusola kuyanika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyahlazisa unina.


Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise, kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.


Ozala isiwula kulusizi kuye; uyise wesiwula akathokozi.


Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise, nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.


Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.


Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.


Nalezi ziyizaga zikaSolomoni ezaphindwa ngamadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda.


Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu.


Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise, kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa.


Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.


Yilaye indodana yakho, iyakukuphumuza, yebo, iyakuthokozisa umphefumulo wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite