Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IzAga 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 ukunikeza ukuqonda izaga nezisho ezifihlakele, izisho zabahlakaniphe kakhulu neziphicaphicwano zabo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Umuntu ohlakaniphileyo uyakuzwa, afunde okwengeziwe; nomuntu ohlakaniphileyo uyakufika esilulekweni esihlakaniphileyo.

Gade chapit la Kopi




IzAga 1:5
18 Referans Kwoze  

Othanda ukulaywa uthanda ukwazi; ozonda ukusolwa uyisiwula.


Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni.


Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo.


“Uma unengqondo, yizwa lokhu, ulalele izwi lokukhuluma kwami.


“Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.


“Abantu abanokuqonda bayakusho kimi, yebo, nezihlakaniphi, lapho zingizwa, ziyakuthi:


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi, kepha ukwazi kulula koqondayo.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.


Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’


“Yizwani amazwi ami, nina zihlakaniphi, nibeke indlebe kimi nina zazi.


Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.


Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda.


Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi, nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.


Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda; sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.


Lapho isideleli sihlawuliswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uyathola ukwazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite