Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ubuso babo sebumnyama kunelahle, abaziwa ezitaladini. Isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo, sishwabene, saba njengomuthi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Manje asemnyama ukwedlula ilahle, ngeke usawakhomba ngisho emigwaqweni. Isikhumba sawo sesishwabene sanamathela emathanjeni awo, sesome safana nokhuni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ubuso babo bumnyama kunelahle; abaziwa ezitaladini; isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo; yabuna, yaba njengenduku.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:8
17 Referans Kwoze  

Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.


Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.


Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa.


Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami; ngisinde ngokulambisa kuphela.


Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.


Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu


Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani.


Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.


Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*


Inyama yakhe iyadliwa, ingabe isabonwa; amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.


Lapho bephakamisa amehlo abo besekude, abamazanga; badazuluka bakhala, baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza amakhanda abo ngothuli beluphonsa phezulu.


‘Nothuli lomuzi wenu olunamathele ezinyaweni zethu siyaluhlangulela kini; nokho-ke yazini lokhu ukuthi umbuso kaNkulunkulu usondele.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite