Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane, babe mhlophe kunobisi; imizimba yabo yayibomvana kunekorali,* isimo sabo sasinjengesafire.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Amanaziri akithi ayemhlophe kunongqoqwane, emhlophe ukwedlula ubisi. Imizimba yawo yondlekile, isimo sawo sikhazimula njengesafire.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 AmaNaziri alo ayehlanzekile kuneqhwa, ayemhlophe kunobisi, ebomvu ngomzimba kunamarubi, ukucwebeshwa kwawo kwakungokwesafire.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:7
15 Referans Kwoze  

Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Othandiweyo wami uyakhazimula ngobumhlophe, ubomvu, uyabonakala phakathi kwezigidi.


Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo, namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;


Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle, emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: “Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.”


Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.


Wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuthintanga mpuco ekhanda lami, ngokuba bengingumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa, amandla ami ayakumuka kimi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”


Kepha wathi kimi: ‘Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”


ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”


Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire,* kungathi yizulu uqobo ngokucweba.


Kungelingane negolide lase-Ofiri, neshohamu* eliyigugu, nesafire.*


Akunakukhulunywa ngekorali* nangekristalu;* intengo yakho iphezu kwamarubi.*


Imilenze yakhe iyizinsika zetshe elimhlophe ezisekelwe ezinyaweni zegolide elihle; ukubukeka kwakhe kunjengeLebanoni, kukhethekile njengemisedari.*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite