Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: “Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Ogcotshiweyo kaSimakade, ongukuphila nomphefumulo wethu, wakhalakathela emigodini yabo, esathi ngaye: “Uyoba ngumthunzi wethu wokukhosela phakathi kwezizwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emithonjeni yabo, esasho ngaye ukuthi: ‘Emthunzini wakhe siyakuhlala phakathi kwezizwe.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:20
27 Referans Kwoze  

Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.


Kepha impi yamaKaledi yabaxosha, yamfica uSedekiya emahlane aseJeriko, yambamba, yamkhuphulela kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eRibila ezweni laseHamati, wamahlulela.


Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho, njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova, na?”


UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.


Amasango alo ashona emhlabathini; wachitha, wayaphula imigoqo yalo. Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe, lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.


“Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.


UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”


Ngokuba udelele isifungo ngokusaphula isivumelwano, wakwenza konke lokhu, noma enikile isithembiso sakhe; bheka, kayikuphunyuka.


Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.


Kepha abantu bathi: “Awuyikuphuma, ngokuba uma sibaleka, abayikusinakekela; noma kufa inxenye yethu, abayikusikhathalela, kepha wena unjengezinkulungwane eziyishumi zethu; ngalokho kuhle ukuba usisize usemzini.”


Akukuhle okwenzileyo. Kuphila kukaJehova, nimelwe ukufa, ngokuba anilindanga inkosi yenu, ogcotshiweyo kaJehova. Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.”


UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?”


Bheka, namuhla amehlo akho abonile ukuthi uJehova wayekunikele esandleni sami emhumeni; abanye bathi mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angiyikwelulela isandla sami kuyo inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaJehova.’


Wathi kubantu bakhe: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”


Kwathi sebefikile, wabheka u-Eliyabe, wathi: “Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe.”


Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”


“Kalokhu nxa ngifika encekwini yakho ubaba, umfana engenathi, lokhu inhliziyo yakhe ibambelele enhliziyweni yomfana,


Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.


Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.


Amaqabunga awo ayemahle, nezithelo zawo zaziziningi, kukhona kuwo ukudla kubo bonke; izilwane zasendle zazinomthunzi phansi kwawo, izinyoni zezulu zazihlala emagatsheni awo, nenyama yonke yondliwa kuwo.


“Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi: ‘Uma ningigcoba impela ngibe yinkosi yenu, wozani niphephele emthunzini wami; uma kungenjalo, makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari* yaseLebanoni.’


Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.


Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo, ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.


Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: ‘Ngiphe inkosi nezikhulu’?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite