Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Amadodana anqabileyo aseSiyoni, elingene negolide elihle, yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Amadodana aseZiyoni akhethekileyo ayefana negolide elicolekileyo, kodwa manje asefana nezitsha zebumba, ezingumsebenzi wezandla zombumbi!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Amadodana ayigugu aseSiyoni alingana negolide elihle, yeka ukuthi abhekwa njengezitsha zebumba, umsebenzi wezandla zombumbi!

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:2
12 Referans Kwoze  

Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”


uthi kuwo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Ngiyakubulala kanjalo laba bantu nalo muzi njengokwaphulwa kwesitsha sombumbi esingasezukubuye sihlanganiswe; bayakumbela eThofeti, ngokuba akuyikubakho ndawo yokumbela.


Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.


Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo, ngibeka u-Efrayimi kuwo, ngivusela amadodana akho, Siyoni, kumadodana akho, Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.


Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo; ubuso babadala ababuhloniphanga.


Akakho ongalihola phakathi kwawo onke amadodana eliwazalileyo. Akakho ongalibamba ngesandla kuwo onke amadodana eliwakhulisileyo.


“Balele phansi ezitaladini, abasha nabadala. Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba. Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho, wabulala ungahawukelanga.


Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?


Washo kanje uJehova, wathi: “Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,


U-Israyeli uyagwinywa; manje sebephakathi kwabezizwe njengesitsha okungekho intokozo kuso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite