Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bazingela izinyathelo zethu ukuba singahambi ezigcawini zethu. Ukugcina kwethu kuseduze, izinsuku zethu zigcwele, yebo, ukugcina kwethu kufikile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Izitha zethu zasizingela nomaphi lapho sibalekela khona, sasingasakwazi ukuhamba emigwaqweni yakithi. Isiphetho sethu sase sisondele, nezinsuku zethu sezibaliwe, nokuphela kwethu kwase kufikile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bazingela izinyathelo zethu, ukuze singahambi ezitaladini zethu; ukuphela kwethu kuseduze, izinsuku zethu ziphelele; ngoba ukuphela kwethu sekufikile.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:18
16 Referans Kwoze  

Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.


Abayizitha zami ngeze bangizingele nokungizingela njengenyoni.


“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.


“Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.’


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Indodakazi yaseBabele injengesibuya ngesikhathi sokunyathelwa kwaso; kuse yisikhashana, sizakufika kuyo isikhathi sokuvuna.”


Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”


Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni; ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe.


Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.


“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Lapho esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona lapho inkosi yabalindi egama layo lalingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba uJeremiya umprofethi, yathi: “Uyahlubukela kumaKaledi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite