Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Amehlo ethu aze akhathala, silokhu silindele usizo oluyize, simi emibhoshongweni yethu, silinde isizwe esingenakusisindisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha thina, amehlo ethu asalokhu ephelile ukubheka usizo lwethu oluyize; ngokuqapha kwethu sibheke isizwe esingeke sisisindise.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:17
15 Referans Kwoze  

Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”


Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.


Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo, ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe.


“Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.


IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha, kungekho olisizayo, abamelene nalo balibona, bahleka ukuchithwa kwalo.


“Ukuvuna kudlulile, ihlobo liphelile, kepha thina asisindiswanga.”


Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.


Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?


Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa, nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, niyakunyathelwa phansi yiso.


Uyakuphuma nalapho, izandla zakho zisekhanda, ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo, awuyikuphumelela kubo.


Sinike isandla sethu kulo iGibithe nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite