Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Izandla zabesifazane abanomusa zaphuzisa abantwana babo; babe ngukudla kwabo ekubhujisweni kwendodakazi yabantu bami.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 4:10
12 Referans Kwoze  

“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


“Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na? Yebo, bona bangakhohlwa, kodwa mina anginakukukhohlwa wena.


Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Namakhanka ehlisa, ancelise amazinyane awo. Indodakazi yabantu bami isinonya, njengezintshe zasehlane.


Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.


Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyaxhaphazela; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.


wena muzi ogcwele ukumemeza, oxokozelayo, muzi othokozayo, na? Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba, kabafelanga empini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite