Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:58 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

58 Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami, uyahlenga ukuphila kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

58 Nkosi, uyimele indaba yami, wayihlenga impilo yami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

58 O Nkosi, wena wamela izindaba zomphefumulo wami; Uhlengile impilo yami.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:58
13 Referans Kwoze  

UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakumela indaba yakho, ngikuphindisele, ngishise ulwandle lwalo, ngomise umthombo walo.


Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.


okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele;


Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo.


ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana; mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


kakhulu kangakanani, lapho uthi awumboni nokuthi, noma icala liphambi kwakhe, usamhlalela, na?


Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade.


isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.


Jehova Sebawoti, mahluleli olungileyo, ovivinya izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.


Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.


Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite