Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:42 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Siphambukile, sahlubuka; wena awukuyekelanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 “Sonile, sakuhlubuka, Wena Nkosi awuzithalaliselanga izono zethu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

42 Seqekile, sahlubuka; Awukaxoleli.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:42
16 Referans Kwoze  

“Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.


Oyihlo baphi na? Nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na?


“ ‘Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho, ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!


“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.


ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.


Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.


“Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite