Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




IsiLilo 3:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

40 Masibheke, sihlolisise izenzo zethu, sibuyele eNkosini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Masiphenye, sihlole izindlela zethu, sibuyele kuJehova.

Gade chapit la Kopi




IsiLilo 3:40
22 Referans Kwoze  

Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.


Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.


Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela*


Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha.


Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa.


Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: “Nina bantwana bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.


Ngokuba ebona, abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo, uyakuphila nokuphila, angafi.


Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo, babuyele kuleli zwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.”


Uma usekuhluphekeni, zikwehlela zonke lezi zinto, uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe,


kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho, ugcine umusa nokulunga, ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, baze bazithwese icala labo, bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite